Imfundo ngokwe I. Y. I. L. E. iyohluka ngoba phezu kwokufundisa izifundo, ihlose ukubakha abantu. Unyaka wezifundo, uyoba mufushane ngoba abafundi bayofunda uMusombuluko kuye kuLokugcina (uMugqibelo), amaholidi angabikho ngaphandle kwamaholidi wesizwe, bese ihlobo lonke baleqe (imidlalo yezikole izoqhubeka). Imfundo lapho yonke ingane igqoka okufanayo izodala ukulingana phakathi kwabefundi zwelonke. Ngoba wonke umufundi uyobe ekwazi ukwenza ezemidlalo azifunayo, akekho ozogejwa yithuba lokuba wumpetha kumudlalo awuthandayo ngoba amabhasi esikole nawemidlalo yesikole ayobe exhasiwe wuhulumeni. Izikole eziphethwe wuhulumeni zidala ukuthi zonke izingane zikhokhe imali efanayo, zifunde izifundo ezifanayo ngokubolekisana ngothisha. Kumele kwakhiwe izikole ezintsha, amakholeji, izinhlangano zemidlalo ezindaweni ezinesidingo lwazo. Okuzotholwa wumufundi oqede imfundo ngokwohlelo lwe-I. Y. I. L. E. : • Umufundi oqede isikole uyokwazi ukukhuluma isiZulu nolunye ulimi (okuyobe kuyisiB...