YINI EYODALA UKUTHI IZWE LAKWAZULU ELIZIMELE LINGAPHUMELELI?
Zimbili izinto ezingadala ukuthi lezwe lingaphumeleli, engathi uma ubala kwonke (izomiso, ububha nokunye) zingadala ukuthi izwe lingayi phambili. Ngoba sinawo amasu angalwa nezomiso nobubha kodwa imizwa, izinhloso nemibono yabantu bonke ngeke siyazi, singase sikhombe nje ukuthi kungonakalaphi. Naku okungase kuvimbe ukuthi uMbuso wakwaZulu ungayi phambili. • INKOHLAKALO: Lapha sibala kwona impela ukuntshontsha imali yesizwe/yakahulumeni, kanye nomona wabantu nje. Njengama-Afrika saziwa njengabantu ababephila impilo elula, engagqilazi ngakho ke abanye bayobona sizinikela sijulukela izwe silikhuphusa silisusa phansi babe nomona bazitshele ukuthi mhlampe senza kalula... kanti alikho izwe eseliphambili namuhla elingajulukelwanga lakhiwa ngabantu abakulo. Siyozisiza uma siqina kumubono wethu wokusebenzela izwe leli, ngomubono wempilo engcono nekusasa elihle ukuze nabanomona ngempumelelo esiyitholayo babone ukuthi asibanakile, nesikhathi sabo asinaso. Ngokuveza ukuthi izimali zisetsh...