Okuthunyelwe

Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula ethi ezemidlalo

I-Soweto ishiy'elwani?

Isithombe
I-Soweto impela yakhiwa wumuntu owazalelwa e-Cato Ridge (eNatali). Igama kwakungu Magebhula . Kumanje e-Soweto (kwaMpanza) kuneningi labantu abakhuluma ulimi lwesiZulu, nabangamaZulu ngokwomulando. Ukufaka i-Soweto ngaphansi kwoMubuso wakwaZulu, kuzodinga ukuthi sibuthe umuhlaba omanyakatho nomukhandlu i- Midvaal  ose- Sedibeng lapho ekuneningi labantu abakhuluma isiSuthu. Ngoba uma sizowuyeka lowo muhlaba omanyakatho ne-Midvaal sifake i-Soweto kwaZulu kuphela, kuzoba yizwe elilodwa kodwa elihlukene umuhlaba. Mhlawumbe kudingeke amaphepha ukuya endaweni eyizwe elilodwa ngoba siyonqamula eNingizimu Afrika ukuze siye e-Soweto.  Umungcele waseKurhuleni uphela e-Meyersdal Nature Reserve. Zakariyya  Park ne-Elandsfontein , Klipriviersberg Nature Reserve (enyakatho ne-Midvaal) kwonke kumele kutholakale ukuze sihlangane ne-Soweto. Uma unakile, lomuhlaba omanyakatho ne-Midvaal une-Naturena phakathi. Loku kusho ukuthini i- Soweto Derby kungenzeka kube wu...

Inhlangano Yebhola Likanobhutshuzwayo YakwaZulu

Isithombe
Ngoba izwe elingenalo iqembu lebhola likanobhutshuz'wayo kubuye engathi yizwe elingaphelele, ukwakhiwa kweNhlangano Yebhola Likanobhutshuz'wayo YakwaZulu (I.Y.L.Y. ngamafuphi)  kuyoba yinto eyodinga yenziwe. UKUMA KWAYO:   Yakhiwa:   11 Zibandlela 2017 Amakhasi kwizinkundla zokuxhumana:   facebook.com/IQembuLesizwe  | twitter.com/Zulu_FA Njengoba singenayo imvume yokuthi sibe yingxenye ya-FIFA, kungangcono sibe yingxenye ye- ConIFA . Likhona vele iqembu ekuthiwa ngamaZulu kwiligi yaseNingizimu Afrika kodwa abalona iqembu lesizwe ngoba nabadlali engabe bayasidlalela njengesizwe abekho kwiqembu loSuthu. Inkanyezi lena esinayo eyangenkathi sinqoba umuqhudelwano we-AFCON ngonyaka we-1996. IMINCINTISWANO EKUYOMELE YENZIWE YI-I.Y.L.Y. UMA SESIHLUKENE NENINGIZIMU AFRIKA:  • ILigi yesizwe 1 (eyabesilisa nabesifazane) • ILigi yesizwe 2 • ILigi yesizwe 3 • INdebe yamaqembu akuhhafu ophezulu (Iligi yesizwe 1) • INdebe yesizwe (Kuqhudelana...