UMnu. uMtaka wake wakhuluma ngepolotiki lamazwe (i-geopolitics ngesiNgisi), wathi kukhona okwenzeka emazweni angaphandle okudala uguquko kulezwe esikulo. Kuyalilimaza izwe ngempela ukuthembela kumazwe angaphandle. Yingakho kubalulekile ukuthi izwe libe nabaholi abanolwazi ngokuthi kwenzekani kumanye amazwe emuhlabeni jikelele, nabaholi abanamasu ukuze izwe lizixazululele izinkinga ngaphandle kwokuthembela kumazwe angaphandle. Incwajana ekhuluma ngepolitiki lamazwe. Izwe elisha alivamise ukuba nezitha eziningi, nakuthina bekuyoba njalo ngaphandle uma sihlukane kabi neNingizimu Afrika, lapho iNingizimu Afrika bekuyoba yisitha sethu sokuqala kwipolitiki lamazwe. I-BRICS besiyohlukana nayo, okuyokusho ukuthi ubungani bethu neBhrazili, iRashiya, iNdiya neShayina bekuyophinde sibuvuselele ngokwethu njengezwe elizimele. Singaba ngabangani beSirayela nePalestina ngokufana ngoba asihlangene ngalutho nawo lamazwe, izitha zeNingizimu Afrika kuyeke ukuba yizitha zethu. Esizwana n...
Amazwana
Thumela amazwana