Okuthunyelwe

Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula ethi eNingizimu Afrika

UKUCWASANA NGOHLANGA

Sibona izimpi kwamanye amazwe lapho izizwe ezinsundu zilwa zodwa ngenxa yenkolo, ulwimi nohlanga. Nalapha eNingizimu Afrika sivamise ukuxabaniswa wukuthi siyizinhlanga ezehlukene nokuthi siwubala oluhlukene, kodwa asinako loko kwokuthi size sicoshe izikhali silwe nezinye izinhlanga kumbe nabolunye ubala. Sigcina ngokuqhudelana ngezimali nokuthi izinhlanga zethu zinempumelelo engakanani. Loku uzokubona kwezemidlalo, ipolitiki nezamabhizinisi lapho ophumelelayo wohlanga lwethu acindezelwe kumbe azitshwe yizinhlelo zemisakazo; kwiziteshi zakurediyo kudlale imidlalo yamaqembu aphethwe ngezinye izinhlanga kuzitshwe okuphethwe ngabesifundazwe i-KZN. Noma uma kuzothuthukiswa okuthile lapha kulesifundazwe kukhethwe amaNdiya, abelungu nabolunye uhlanga abafikayo (e-KZN) bashiywe ngaphandle abakhuluma ulwimi lethu.  Loku singalwa nakho ngokuthi sonke kulezwe sikhulume ulimi lunye (okuyisiZulu) ezikoleni nakwezombusazwe, nokuthi sigqamise okuyithi sizwe esasikhona kulezwe kungakabi wunyaka we...

UMnu. John Langalibalele Dube

Isithombe
UMnu. John Langalibalele Dube (wazalwa ziyi-11 kuNhlolanja ngonyaka we-1871 eNanda, wadlula ziyi-11 kuNhlolanja ngonyaka we-1946) wayengumubhali, yincithabuchopho, wuthisha, wusopolitiki, wumubhali wezincwadi kanye nezinkondlo. Wayengumongameli wokuqala we-South African Native National Congress (i-SANNC) , okwaba yi-ANC ngonyaka we-1923. Wayehlobene nommeli u-Pixley ka Isaka Seme abakha naye i-SANNC. U-J. L. Dube waba ngumongameli we-SANNC kusukela kunyaka we-1912 kwaya kunyaka we-1917. Wayiswa eMelika yinhlangano yabafundisi i-American Zulu Mission (i-AZM) wafunda e-Oberlin Preparatory Academy yaseMelika. Wabuya eNingizimu Afrika, kwathi ngonyaka we-1903 wenza iphephandaba iLanga laseNatali  no-Nokutela Dube.  Ngonyaka we-1901 wenza iNanda Seminary Institute for Girls oHlanga. Wayefuna abantu abansundu bangene kwezamabhizinisi okwadala ukuthi enze iphephandaba lesiZulu iLanga laseNatali  ngonyaka we-1903.  Okunye ngo-J. L. Dube okumaphuzwana :  • W...

Ukuncenga ukuba yingxenye yesizwekazi esikhulu wubuNtshonalanga.

Isithombe
(Itolikwe isuswa kulimi lesiNgisi.)  Abantu bayothi "Yizwe lethu" baze bayoshona. Basho loku bephila ezweni eliyisi-Roman-Dutch. Uma sithi siyophumelela njengezizwe ezinsundu, kumele sibuyele esintuwini! Ayikho indaba yoBhabhiloni , sizinyove ndawonye ngoba "sibamunyama". Sinezilimi nesikompilo elingafani. Okhokho bokhokho bethu abengakaze babone mulungu babengashayelwa imithetho ngesiNgisi kumbe isiBhunu. Into esiyibona namuhlanje ngabantu abamunyama abathi balwela iNingizimu Afrika. Yona Ningizimu Afrika eyachitha imibuso yabantu abansundu, yona Ningizimu Afrika esabacwasa nanamuhlanje. Abaziboni ukuthi basephutheni ngokulwela izwe elakhiwa ngokubacindezela. Ukucacisa: UmuVenda, ukhuluma isiVenda kwaVenda, aphile isiVenda... kunjalo nowaseFuransi ukhuluma isiFurenshi eFuransi, ngesikompilo laseFuransi. Uma singakuzwa loku, siyohleli sisephutheni ezweni elingasivumi.  Uma ungahlala endaweni enye iminyaka, ungadingi ukuyishiya leyo ndawo uhambe. Ungahla...

UZulu wenzani em'nyakazweni wokulwela amalungelo wabansundu?

Isithombe
Kungakabikho u-SANNC (owaba yi-ANC) kwakukhona uM'khosi wezintaba (kunyaka we-1812 kuya ku-1899), Abasetsheni noNongoloza  (1902-1906), kanye no Bhambatha kaMancinza (1906). Abasetsheni noNongoloza.  UNongoloza kwakuwuMzuzephi Mathebula owayebuye aziwe ngelika-Jan Note owayesuka eNatali. Wayesebenzela abelungu base-Witwatersrand. Kuthiwa uNongoloza wenza iminyakazo yokuvikela amalungelo wabansundu eGoli eyayinamagama athi: wuM'khosi wezintaba, uM'khosi weSeneneem, Abasetsheni, oNongoloza kanye nama-Ninevites. Ukuwakhiwa kwe-ANC.   I-ANC yakhiwa wu Mnu. John Langalibalele Dube okuthiwa kwakumele abe yiNkosi yamaQadi, kwathi sebuya ezifundweni zakhe esuka eMelika wenza i-SANNC (South African Native National Congress) ziyi-8 kuMasingana ngonyaka we-1912 (eyahamba yaba yi-ANC ngonyaka we-1923). Lapho wabiza ozakwabo owayengummeli uMnu. Pixley ka-Isaka Seme. USeme naye wenza umnyakazo wakhe ngaphambilini ekwakuthiwa yi-South African Native Farmers Association eyay...