YINI EYODALA UKUTHI IZWE LAKWAZULU ELIZIMELE LINGAPHUMELELI?
Zimbili izinto ezingadala ukuthi lezwe lingaphumeleli, engathi uma ubala kwonke (izomiso, ububha nokunye) zingadala ukuthi izwe lingayi phambili. Ngoba sinawo amasu angalwa nezomiso nobubha kodwa imizwa, izinhloso nemibono yabantu bonke ngeke siyazi, singase sikhombe nje ukuthi kungonakalaphi. Naku okungase kuvimbe ukuthi uMbuso wakwaZulu ungayi phambili.
• INKOHLAKALO: Lapha sibala kwona impela ukuntshontsha imali yesizwe/yakahulumeni, kanye nomona wabantu nje. Njengama-Afrika saziwa njengabantu ababephila impilo elula, engagqilazi ngakho ke abanye bayobona sizinikela sijulukela izwe silikhuphusa silisusa phansi babe nomona bazitshele ukuthi mhlampe senza kalula... kanti alikho izwe eseliphambili namuhla elingajulukelwanga lakhiwa ngabantu abakulo. Siyozisiza uma siqina kumubono wethu wokusebenzela izwe leli, ngomubono wempilo engcono nekusasa elihle ukuze nabanomona ngempumelelo esiyitholayo babone ukuthi asibanakile, nesikhathi sabo asinaso. Ngokuveza ukuthi izimali zisetshenziswe kuphi (siveze ukusetshenziswa kwezimali wuhulumeni wesizwe nangemikhandlu) siveze nasezinkundleni zokuxhumana, kuyosiza ukuthi noma kukhona umuholi ontshontsha imali yezwe, kubonakale ukuthi inyamalele kuphi leyo mali eyebiwe, abanjwe (Njengoba kuchazwa uMnyango wokuthembeka kwabaholi kwidokhumenti ye-I.Y.I.L.E.).
• UKUNGABONANI NGASO LUNYE KWABANTU: Nakunoma yeliphi izwe kuyohlezi kukhona ukucwasana, ngeke sikubalekele loku kodwa ukucwasana kuyancipha ezweni elinosikompilo olufanayo kuwonke ohlala kulelozwe. Loku babuye bathi yi-socialism ngesiNgisi. Izwe elikhuluma limi lunye, abantu bethole imfundo efanayo livamisa ukubumbana ukudlula amazwe anjengayo iNingizimu Afrika anezilimi eziningi namasiko/sikompilo angafani. Kuyosiza futhi ukuthi sibumbaniswe yimfundo nolwimi lwesizwe ngoba eNingizimu Afrika size sizwane nabakwamanye amazwe ukudlula abantu esihlala nabo kulelizwe ngenxa yokuthi asikhulumi ulwimi olufanayo. Ngakho ke, uma sizwana ngemibono nangolwimi akukuningi okungadala uqhekeko kubantu besizwe.
Amazwana
Thumela amazwana