Amabutho wesizwe.
Isizwe nesizwe sinamasosha waso. Kwamanye amazwe kuvamiswe ukuthi abafana kumele bangene emasosheni isikhathi esithile uma sebeqede isikole ukuze baqine babe nokuqoqeka. Kungasisiza nathi ukuthi sibe namabutho aqeqeshwe ngezinga eliphezulu azovikela imingcele yesizwe, nesizowathuma uma kudingwa usizo lwethu ekuxazululeni izinkinga kumanye amazwe nokuthi sixazulule izinkinga esinazo ngabantu abafuna ukuhlasela izwe. Abafana bonke kumele bangene emasosheni nakulezwe uma beqeda isikole kumbe sebefike eminyakeni eyishumi nesish'agalombili, loku kuzobaqinisa umuqondo, babe nokuqoqeka umuqondo.
Amabutho wesizwe kumele abe nezikhali ezinobuchwepheshe ngoba izimbazo, amawisa, izinduku, imicibisholo, imikhonto nezihlangu kwonke ngeke kusisize uma isitha sinamabhomu nombhayimbhayi.

Amazwana
Thumela amazwana