Ipolitiki lamazwe kwaZulu.

UMnu. uMtaka wake wakhuluma ngepolotiki lamazwe (i-geopolitics ngesiNgisi), wathi kukhona okwenzeka emazweni angaphandle okudala uguquko kulezwe esikulo. Kuyalilimaza izwe ngempela ukuthembela kumazwe angaphandle. Yingakho kubalulekile ukuthi izwe libe nabaholi abanolwazi ngokuthi kwenzekani kumanye amazwe emuhlabeni jikelele, nabaholi abanamasu ukuze izwe lizixazululele izinkinga ngaphandle kwokuthembela kumazwe angaphandle. 

Incwajana ekhuluma ngepolitiki lamazwe.

Izwe elisha alivamise ukuba nezitha eziningi, nakuthina bekuyoba njalo ngaphandle uma sihlukane kabi neNingizimu Afrika, lapho iNingizimu Afrika bekuyoba yisitha sethu sokuqala kwipolitiki lamazwe. I-BRICS besiyohlukana nayo, okuyokusho ukuthi ubungani bethu neBhrazili, iRashiya, iNdiya neShayina bekuyophinde sibuvuselele ngokwethu njengezwe elizimele. Singaba ngabangani beSirayela nePalestina ngokufana ngoba asihlangene ngalutho nawo lamazwe, izitha zeNingizimu Afrika kuyeke ukuba yizitha zethu. Esizwana nabo ngqangi, kuyomele kube yizwe laseSwazini nezwe iM'thwakazi (ekubuye kuthiwe yi-Matebeleland ngesiNgisi). Sisuka lapho sakha ubuhlobo nezizwe zamaNguni koMalawi, eMpuma Koloni neGoli (eNingizimu Afrika), eZambhiya, Mozambhikhi, Thanzaniya nakoKhongo. Bese senza ubuhlobo ne-Afrika yonkana. Uma senze loku siyobe siqedile. Ubungani namazwe akoMelika, Yurophu, Eshiya nangako-Ositreliya bebuyobonakala ngokuhamba kwesikhathi. I-Afrika kube yilona zwekazi esizwana nalo ukudlula angaphandle njengezwe elisha.

Amazwana

Ukuthumela okudumile osuka kule bhulogi

Esikugqokayo.

Ikhalenda lesiZulu