Esikugqokayo.
NgokwesiZulu, abesilisa bagqoka ibheshu kuphela nezimbhadada uma bethandile. Imbhatha ligqokwa uma kubanda bese umuqhele ugqok'we ngamadoda ashadile. Abesifazane bagqoka okwangezansi kuphela nezimbhadada uma bethandile bese uma sebeshada baluk'we isicholo ekhanda, bambhathe ngaphezulu. Kukhona okugqok'wa ngamabutho aya empini okungadingi ukugqokwa yiwonke umuntu njengaso isikhumba (esivamise ukuba noboya) esigqok'wa ukuvikela imilenze nezingalo. Imbatha lesikhumba sengwe ligqokwa ngamakhosi nesilo kuphela.
Okugqok'wa yisilo namakhosi.
Okugqokwa emadolobheni: Idashiki emnyama, ensundu kumbe engwevu nebhulukwe nezimbhadada (abesilisa abaneminyaka eyi-19 kuya phezulu). Ingubo engwevu (abesifazane abaneminyaka eyi-19 kuya phezulu).
Abasebenza imisebenzi ethile bayogqoka iyunifomu yalowo musebezi efanele.
Emakhaya umuntu uzigqokela akuthandayo.
Amazwana
Thumela amazwana