Bayini kithi eSwazini? Singafundani kubo?

KaNgwane yizwe eliphethwe ngamaDlamini. 

ESwazini kwaziwa njengezwe lokugcina elisele e-Afrika elisaphethwe yinkosi. ESwazini futhi basondelene kakhulu nezizwe zakwaZulu eziseningizimu nabo futhi nezizwe ezise nyakatho nako-Matutuine e-Mozambhikhi lapho kuthiwa oDlamini badabuka khona, impela babenolwandle... ESwazini kithi kwaZulu bayinto enkulu ngoba cishe zonke izizwe zakwaZulu ziyinzalo yamakhosi akudala aseSwazini, nezizwe zamaThonga (Tsonga) / amaShangane kuthiwa zinomulando eSwatini.

 

ESwazini kucishe kube yikwom'khulu kwethu kwaZulu, ngokusebenzisana nabo nokubukela kubo singafunda lukhulu ekubeni yizwe elisaphethwe ngesi-Afrika.

Ngoba eSwazini bayikwom'khulu kithi, nezizwe zakwaZulu ezazala amaHlubi, Tembu, amaNdebele nezinye kubabeka endaweni ebalulekile esizwenikazi samaNguni lapho esibala izizwe zamaNdwandwe ezikoZambhiya nakoThanzaniya, ezamaTsonga koMozambhikhi nasesifundazweni sakoLimpopo nezamaTembu eningizimu esifundazweni seMpuma Koloni. Kungakuhle uma izizwe zamaNguni zisebenzisa imali yaseSwazini kwezomunotho nokuthi ama-Nguni games lawa ayeshiwo kwikhasi laku-Facebook enziwe khona njalo eminyakeni emithathu. Lapho sizoqinisa ukuzwana kwethu njengamaNguni, Dlamini, Xhosa namaThonga.

Amazwana

Ukuthumela okudumile osuka kule bhulogi

Indlela yokubhala yesiZulu.

Ikhalenda lesiZulu

Inhlangano Yebhola Likanobhutshuzwayo YakwaZulu