Imingcele yezwe liphelele.

Indawo yezwe ekwakuthiwa yayisempini ngenkathi iLembe libumba izwe.

Eningizimu Afrika kukhona abathi bangamaHlubi eMpuma Koloni abakhala ngokuthi kwaZulu akumele kube yisifundazwe sonke ekuthiwa yi-KZN manje kodwa kuloku mina ngiyaphika ngalamaphuzu:

• Um'hlaba ophelela em'fuleni uM'zimvubu kuthiwa wawupheth'we ngamaHlubi namaNhlangwane. Kumanje amakhosi walezizwe uma ethi afuna izwe labo lasemandulo (eMbo) akhala ngokuthi afuna um'hlaba osuka em'fuleni uThukela uphelele kum'fula uM'zimvubu. NamaBhunu ngenkathi efika esigodl'weni seSilo uDingane eM'gungundlovu azi ukuthi azocela um'hlaba osuka kum'fula uThukela aphelele kum'fula uM'zimvubu. Bebengeke bacele um'hlaba ekungawona oweSilo uDingane. AmaBhunu ayevele azi ukuthi yizwe elalisanda-kubunjwa, libunjwa sebevele befikile eKapa. AmaBhunu abona ithuba lokugadla izwe lisasuka empini, lingakapholi.

• AmaXhosa ngokwomulando izwe labo lisuka kum'fula uMthatha liphelele kum'fula i-Sundays eningizimu nezwe. Nayo i-Harry Gwala District ekwakuthiwa iyingxenye ye-Eastern Cape lapho abalungu ababeka khona ama-Griqua - kuyizwe lamaBhaca namaNhlangwane.

ININGIZIMU AFRIKA AKUYONA YONKE EYAMA-KHOISAN NAMAKHALADI (ISINGISI)  

AmaHlubi namaNhlangwane:
AmaNhlangwini yisizwe ekuthiwa yilapho ekwacasha iNkosi uDingiswayo ngenkathi ebalekela uyise wakhe - yizwe esasaziwa ngokwakha izihlangu (amahawu) ngesikhumba senyathi ethile. AmaHlubi yisizwe esasiboleka iSilo uShaka, iSilo uDingane neSilo uCetshwayo amabutho. AmaHlubi namaNhlangwini ayekhonza kwaZulu, engaphansi kwomubuso wakwaZulu.

AmaZizi:
Lesi kwakuyisizwe esasihlala manyakatho nesizwe samaHlubi (ko-Weenen, Estcourt, Em'nambithi kuye ko-Newcastle nako-Bergville). Inkosi yamaZizi kwakunguMzizi ngesikhathi seNkosi uSenzangakhona, iSilo uShaka safaka iNkosi uMiya ukuthi sibe yinkosi yamaZizi.

EmaThuthuwini:
EmaThuthuwini yindawo enganakekile ehlangene nesiqhingi sakwaNyaka - emaningizimu nezwe leMozambhikhi. Yindawo eyayibus'wa yiNkosi uMaputo (abanye bathi wuMaputa, Maputsu noma uMabutho). INkosi uMabutho kwakuyinkosi yohlanga lamaThonga (ahlobene namaShangane) lapho ekukhona izibongo izifana noTembe, Shembeni, Sithole, Shabalala. AmaThonga asemaThuthuwini azikhethela ukuba ngaphansi kwomubuso wakwaZulu. Emanyakatho nabo yisizwe esabuswa woNxumalo ekuthiwa yiseGasa (Gaza ngesiPotukesi). Lesi yisizwe esabuth'wa wuSoshangane wamaNdwandwe, waba yinkosi sasobnjengoba sekuthiwa ngamaShangane nje yingenxa kaSoshangane. Wona amaShangane akazange avume ukuba ngaphansi kwomubuso wakwaZulu njengawo amaNgoni akwaMaseko eZambhiya naseMalawi (nakoThanzaniya) ebuswa yiNkosi yawo uZwangendaba. NgamaThonga (noma amaTsonga) kaMaputo angaphansi kwomubuso wakwaZulu emaThuthuwini kuphela. Emanyakatho nedolobha laseMaputo yise-Delagoa Bay ekwakumele kube yizwe lamaSwazi kodwa ugu lamaSwazi laphucwa ngamaPotukesi ngasolwandle.

ESwazini:
ESwazini yizwe elisanda kubunjwa nalo njengelakwaZulu. Yizwe elaliphethwe ngamaNgcamane noMaseko nezinye izizwana ezincane ezabuthwa woDlamini. Yizwe elihlobene kakhulu nakwaZulu, elisebenzisana kwakhulu nakwaZulu ngoba kwakumele libe ngaphansi kwomubuso wakwaZulu ngesikhathi seSilo uMpande kodwa kwavimba amaNgisi ngoba engafuni izwe lakwaZulu libe likhulu. Ngakho-ke, ngokwesintu eSwazini kumele kube yisifundazwe sezwe lakwaZulu. Kunomuhlaba owaseSwazini oseNingizimu Afrika naseMozambhiki ekumele nawo ngokwesintu ube ngaphansi kwomubuso wakwaZulu. Idolobha/isigodi saseMaputo kumele libe ngaphansi kwomubuso wakwaZulu nalo kodwa siyiyekele izwe laseMozambhiki lingalahlekelwa wumunotho.

EMokhotlong, Quthing nase-Harrismith (ENtabazwe):
Kukhona ingxenye yesifundazwe i-Free State ekumele kube yikwaZulu. Nakhona ekuRhuleni (ekuThuleni) nakwaMagebhula (e-Soweto) eGoli ekumele kube yikwaZulu ngoba yindawo eneningi labantu abakhuluma isiZulu lapho um'khuzi wamabutho weSilo uShaka, iNkosi uM'zilikazi, wabutha khona izizwe eya eZimbabwe.
EQuthing eLesotho yizwe lamaPhuthi. Wonke umuhlaba osempumalanga naseningizimu nomufula i-Senqu (Orange River) wanikezwa abeSuthu ngamaNgisi ngenxa yokuthi uhlukene ngezintaba zoKhahlamba nakwaZulu yize enezizwana zabantu abakhuluma isiNguni.

Umudwebo wezwe laseLesotho nemifula ephakathi nezwe.

Ngakho-ke, izwe lakwaZulu kumele lisuke eSwazini, esifundazweni iMpumalanga naseMathuthuwini enyakatho, liphele kum'fula uM'zimvubu eningizimu bese lisuka olwandle empumalanga liphele kum'fula i-Senqu eLesotho nakwaMagebhula nasekuRhuleni eGoli. Yilo lonke seliphelele.

IZIZWE ZAMANGUNI ZIZONKE (NGESINGISI) 

IZIGODI NENINGI LABANTU ABAHLALA KUZO

Amazwana

Ukuthumela okudumile osuka kule bhulogi

Ikhalenda lesiZulu

Esikugqokayo.