Izizathu zokuthi sifunde isiSwahili.

IsiSwahili sikhulunywa ngabantu abadlula izigidi eziyikhulu ezwenikazi le-Afrika. Ulwimi lwesiSwahili lunezincwadi nokunye njengamaphephandaba, izinhlelo zakumabonakude nezasemsakazweni (okungama-podcast) esingakusebenzisa ukuthi sifunde okuningana. 

Izindawo ekukhulunywa khona isiSwahili ezwenikazi le-Afrika.

E-Afrika kubuye kube nezikhalo ezithi uma sikhuluma sodwa njengama-Afrika sisebenzisa izilimi zakoYurophu, okungasisizi kwinhloso yethu yokususa insila yobukoloni. Ngakho ke, sidinga ulwimi lwase-Afrika esingakhulumisana ngalo... alukho oludlula isiSwahili ngeningi labantu, imibhalo nezinhlelo zakumabonakude. Ama-Afrika angase abumbane ngaso isiSwahili.

Kuyosiza ukuthi abafundi abakhetha ukuthatha isiSwahili njengolwimi lwesibili lapha kwaZulu baxhaswe ngokuthile ukugqugquzela ukufunda izilimi zase-Afrika. Kuyobe siqedile uma wonke umuntu ekhuluma isiZulu njengolimi lokuqala bese mhlampe abantu abangamaphesenti ayishumi bethu bakhulume isiSwahili njengolwimi lwesibili noma olwesithathu kulezwe.

Amazwana

Ukuthumela okudumile osuka kule bhulogi

Indlela yokubhala yesiZulu.

Ikhalenda lesiZulu

Inhlangano Yebhola Likanobhutshuzwayo YakwaZulu