UMnu. John Langalibalele Dube

UMnu. John Langalibalele Dube (wazalwa ziyi-11 kuNhlolanja ngonyaka we-1871 eNanda, wadlula ziyi-11 kuNhlolanja ngonyaka we-1946) wayengumubhali, yincithabuchopho, wuthisha, wusopolitiki, wumubhali wezincwadi kanye nezinkondlo. Wayengumongameli wokuqala we-South African Native National Congress (i-SANNC) , okwaba yi-ANC ngonyaka we-1923. Wayehlobene nommeli u-Pixley ka Isaka Seme abakha naye i-SANNC. U-J. L. Dube waba ngumongameli we-SANNC kusukela kunyaka we-1912 kwaya kunyaka we-1917. Wayiswa eMelika yinhlangano yabafundisi i-American Zulu Mission (i-AZM) wafunda e-Oberlin Preparatory Academy yaseMelika. Wabuya eNingizimu Afrika, kwathi ngonyaka we-1903 wenza iphephandaba iLanga laseNatali no-Nokutela Dube. 

Ngonyaka we-1901 wenza iNanda Seminary Institute for Girls oHlanga. Wayefuna abantu abansundu bangene kwezamabhizinisi okwadala ukuthi enze iphephandaba lesiZulu iLanga laseNatali ngonyaka we-1903. 

Okunye ngo-J. L. Dube okumaphuzwana
• Wayevamise ukubhala ngamakhosi akwaZulu, kakhulukazi iSilo uDin'iZulu. 
• Ubaba wakhe, uMfundisi u-James Dube, wayengumufundisi wokuqala wase-Afrika we-American Zulu Mission. 
•U-J. L. Dube waqala imfundo yakhe e-Adam's College eManzimtoti. 
• Wasebenza akha imigwaqo eMelika. 
• Kuthiwa akazange aziqede izifundo zakhe eMelika. 
• U-J. L. Dube wazalelwa ebukhosini bamaQadi, kodwa ngoba ubaba wakhe wangena enkol'weni yobuKhristu akabizanga azingena izindaba zobukhosi. 
• Wayezwana kakhulu nobukhosi bakwaZulu. 
U-Marcus Garvey kuthiwa ngomunye umugqugquzeli wokubumbana kwabansundu ababoleka kwimibono ka-J. L. Dube. 
• Unkosikazi ka-J. L. Dube wenza i-Zulu Christian Industrial School esekwaba yi-Ohlange High School ngase-Phoenix (EkuPhakameni). Lesi kwaba yisikole sokuqala ukuwakhiwa ngabansundu eNingizimu Afrika. 
• Ngenxa yezinga lwemfundo owayelinikeza abantu u-J. L. Dube kwaze kwakhiwa i-Bantu Education Act ukuvimbela abansundu ukuthi bangathuthuki ngemfundo ephambili. 
Izincwadi owayedume ngazo zithi:- "Umuntu yisitha sakhe uqobo lwakhe", "Insila kaShaka" (Incwadi eyayimayelana nomusizi weSilo uShaka) nethi "uShembe" (ngonyaka we-1936). 
• Kuthiwa wayengowokuqala ukuqopha izimpilo zabantu e-Afrika ngokubhala ngamakhosi akwaZulu. 
• Wabhala izincwajana ezifana nethi "Ukuziphatha". 

Ifulegi ekuthiwa lakhiwa ngu-J. L. Dube.



Amazwana

Ukuthumela okudumile osuka kule bhulogi

Esikugqokayo.

Ikhalenda lesiZulu

Inkondlo yefulegi.