UMnu. John Langalibalele Dube
UMnu. John Langalibalele Dube (wazalwa ziyi-11 kuNhlolanja ngonyaka we-1871 eNanda, wadlula ziyi-11 kuNhlolanja ngonyaka we-1946) wayengumubhali, yincithabuchopho, wuthisha, wusopolitiki, wumubhali wezincwadi kanye nezinkondlo. Wayengumongameli wokuqala we-South African Native National Congress (i-SANNC) , okwaba yi-ANC ngonyaka we-1923. Wayehlobene nommeli u-Pixley ka Isaka Seme abakha naye i-SANNC. U-J. L. Dube waba ngumongameli we-SANNC kusukela kunyaka we-1912 kwaya kunyaka we-1917. Wayiswa eMelika yinhlangano yabafundisi i-American Zulu Mission (i-AZM) wafunda e-Oberlin Preparatory Academy yaseMelika. Wabuya eNingizimu Afrika, kwathi ngonyaka we-1903 wenza iphephandaba iLanga laseNatali no-Nokutela Dube.
Ngonyaka we-1901 wenza iNanda Seminary Institute for Girls oHlanga. Wayefuna abantu abansundu bangene kwezamabhizinisi okwadala ukuthi enze iphephandaba lesiZulu iLanga laseNatali ngonyaka we-1903.
Okunye ngo-J. L. Dube okumaphuzwana:
• Wayevamise ukubhala ngamakhosi akwaZulu, kakhulukazi iSilo uDin'iZulu.
• Ubaba wakhe, uMfundisi u-James Dube, wayengumufundisi wokuqala wase-Afrika we-American Zulu Mission.
•U-J. L. Dube waqala imfundo yakhe e-Adam's College eManzimtoti.
• Wasebenza akha imigwaqo eMelika.
• Kuthiwa akazange aziqede izifundo zakhe eMelika.
• U-J. L. Dube wazalelwa ebukhosini bamaQadi, kodwa ngoba ubaba wakhe wangena enkol'weni yobuKhristu akabizanga azingena izindaba zobukhosi.
• Wayezwana kakhulu nobukhosi bakwaZulu.
• U-Marcus Garvey kuthiwa ngomunye umugqugquzeli wokubumbana kwabansundu ababoleka kwimibono ka-J. L. Dube.
• Unkosikazi ka-J. L. Dube wenza i-Zulu Christian Industrial School esekwaba yi-Ohlange High School ngase-Phoenix (EkuPhakameni). Lesi kwaba yisikole sokuqala ukuwakhiwa ngabansundu eNingizimu Afrika.
• Ngenxa yezinga lwemfundo owayelinikeza abantu u-J. L. Dube kwaze kwakhiwa i-Bantu Education Act ukuvimbela abansundu ukuthi bangathuthuki ngemfundo ephambili.
• Izincwadi owayedume ngazo zithi:- "Umuntu yisitha sakhe uqobo lwakhe", "Insila kaShaka" (Incwadi eyayimayelana nomusizi weSilo uShaka) nethi "uShembe" (ngonyaka we-1936).
• Kuthiwa wayengowokuqala ukuqopha izimpilo zabantu e-Afrika ngokubhala ngamakhosi akwaZulu.
• Wabhala izincwajana ezifana nethi "Ukuziphatha".
Amazwana
Thumela amazwana