Esingakudingi kulomunyakazo.

Wumuqondo wokufuna ukwenzelwa; asibadingi abantu abacabanga ukuthi kukhona esizobenzela kwona bese beloku bezisondeza. Asenzeli izingane zenu, senzela thina. Asingobaba bezingane zenu.
Abantu abazozenza ngcono benze engathi bangenza ngcono nabantu abayingxenye yalomunyakazo. Uma kunjalo awenze sibone, akusizi ukukhuluma into engenafakazi.
Abantu abacabanga ukuthi izwe lakwaZulu elizimele kumele libe yiNingizimu Afrika yesibili. Cha bo, akukho siNgisi, siBhunu, siXhosa kumbe siSuthu esizosetshenziswa kulezwe. Kufundwa isiZulu; uyiNdiya, mlungu, Bhunu, khaladi, Shayina noma yini enye.
Abantu abacabanga ukuthi siyobasiza ngezimali: Uthi engathi kwathina sipatanisa izimali zokuphila nawo lomnyakazo, siyoyithathaphi eyokuphisana ngayo?

Lomnyakazo owabantu abafuna izwe lakwaZulu elizimele, akuwona owamahlaya (uma ufuna amahlaya ungaya kobheka usomahlaya esiteji), uma ufuna abangani nomaqondana ozozwana naye ungamane uye kwenye indawo. Sinesizathu sokwenza lomunyakazo, uma ungezwani nawo ungahlukana nawo. Asincenge muntu ukuthi abe yingxenye yalomunyakazo, bonke abawuthandayo yingoba befuna izwe lakwaZulu elizimele hhayi ngoba bethanda thina.

Amazwana

Ukuthumela okudumile osuka kule bhulogi

Esikugqokayo.

Ikhalenda lesiZulu

Inkondlo yefulegi.