Ifulegi

Ifulegi leli lakhiwe ngokukhetha imibala ejwayelekile kumafulegi asempumalanga ne-Afrika ngoba siyisizwe esinomulando othi siphuma empumalanga ne-Afrika (kubhek'we amafulegi ase-Mozambhikhi, Zimbabwe, eSwazini, Thanzaniya, koKhenya, eZambhiya, Uganda, Ruwanda, Burundi naseSudani yaseNingizimu). Kubonakele engathi wobovu, wokuhlaza, nomunyama omuningi kumafulegi akulamazwe. Kubekwa omunyama kuqala ngoba uveza thina sizwe esimpisholo, sizibeka phambili, bese kuza igazi labalwela izwe elawela phezu kwomuhlaba (okuhlaza). Umubala okuhlaza abuye akhombise umunotho wezwe (ngezolimo). Phakathi nefulegi sibeka uphawu lweSilo samabandla elithi "ILembe leqa amanye ngokukhalipha". Leli fulegi uma ulenza u-negative libuye liveze ifulegi elabekwa wu-Roberto Breschia (ngonyaka we-1884) ukuthi libe yifulegi lakwaZulu.

Ifulegi leSilo lenziwa ifulegi lamasosha esizwe kanye nokunye okuhlangene nobukhosi.
Ifulegi leSilo. 

Ifulegi lesizwe.

Amazwana

Ukuthumela okudumile osuka kule bhulogi

Esikugqokayo.

Ikhalenda lesiZulu

Inkondlo yefulegi.