Izwe esikulo liphethwe wobani empeleni?
Ngokwom'lando, izwe liphathwa ngamakhosi kodwa ngokuguquka kwezikhathi selaphath'wa ngosopolitiki. Phezu kwaloku, lapha eNingizimu Afrika, kukhona osomabhizinisi abatshela osopolitiki labo (kanye namakhosi ngezinye izikhathi) ukuthi benze njani. Kulabosomabhizinisi sibala o-Johann Rupert nawo ke ama-Gupta wodumo. Bathi uma osopolitiki bebaphikisa bathuse ngokuthi bazoliwisa izwe lifane noZimbabwe.
Kodwa phezu kwaloku, kumele sikhumbule phela ukuthi izwe yizwe ngabantu. Ngeke isizwe sonke sabantu abayizigidi sihlulwe ngosomabhizinisi abayishumana. Engabe yisizwe sezithutha. Izwe lenziwa yiso isizwe, izwe ngelesizwe. Ngeke nayo inkosi, wosopolitiki kumbe osomabhizinisi labo bazenzele uma abantu bengavumi. Into eyenzeka ezweni lohlanga yinto evunywe yileso sizwe sakulelozwe. Inkohlakalo, nokuphathwa kabi kwezwe ngabaholi ngeke kwenzeke uma abantu bengavumi.

Amazwana
Thumela amazwana