Izwe lakwaZulu elizimele libaluleke ngani?

Baningi abantu abaqala bewusola lomunyakazo, kwahamba babona ukuthi engathi uyakhukhumala sebethule. Kumanje, kuze kube khona iqembu lepolitiki elizomela ukhetho lwamawodi olulandelayo elinomubono wezwe lamaZulu elizimele.

Kodwa njengenjwayelo bakhona abafisa ukuthi kube khona abakuzuzayo uma lomunyakazo ephumelela, bangasali ngaphandle. Mhlampe, bafune izikhundla kanjena. Nabaholi abasaba ukuthi lomunyakazo uzobephuca amandla. Bazofuna ukusiqeda amandla uma bezizwa engathi bavaleleka ngaphandle. Akusenani ngoba kumanje usehlelwe ngamandla vele lomunyekazo ngoba kukhona abesaba ukuthi uzobephuca amandla wobuholi. Vele, kumele kungaphikwa ukuthi uma inhloso yeNhlangano Yokugqugquzela Izwe LakwaZulu Elizimele iphumelela, kuyobe kuphelile ukuphathwa yithi ngabasePitoli naseKapa... lapho kade befuna ukuwenza imali ngathi kulezwe elikhuluma ulwimi lwesiZulu. 



Imibono yalomunyakazo iyatholakala kwi-document etholaka ezinkundleni zokuxhumana esikuzo... uma sizophumelela kuyomele siqiniseke ukuthi senza izinto ezizosisa phambili, hhayi ngoba siphoqwa yisimo njebabaholi ababephethe ngaphambilini. Ukwecwasana kuyohlezi kukhona ngoba kukhona ekuyothiwa abasibo amaZulu weqiniso kodwa loku kumele sikuhlangabeze ngokuqinisekisa ukuthi sithola imfundo efanayo nokuthi sikhuluma lwimi lunye ngoba kuningi okutholwayo kwimfundo yomuntu esikoleni. Imfundo etholwa esikoleni iyamakha kumbe imehlise umuntu. Uhlobo lwemfundo eliphakanyiswe yilenhlangano izoqinisekisa ukuthi isizwe sonke siyayazi imithetho yezwe, yenze nabantu abazokwazi ukuzibambela umuhlaba jikelele, baziphilise.

Izwe lakwaZulu belizoba yisibonelo kumazwe e-Afrika ukuthi asizona izehluleki singabantu abansundu, singakwazi ukuziphatha sibe yizwe elisezingeni elipheZulu, eliphethwe ngesithi. Singalokhu sithembele kumazwe angaphandle ukuze siphumelele singama-Afrika. Sikhombise ukuthi asidingi ukuqoqwa sifakwe emazweni anemingcele eyakhiwe ngaphandle kwezwenikazi le-Afrika ukuze sibe yinto ephambili.

Amazwana

Ukuthumela okudumile osuka kule bhulogi

Esikugqokayo.

Ikhalenda lesiZulu

Inkondlo yefulegi.