Lala ngokuthula Hlanga Lohlabathi.

Ukukhothama kweSilo kusho ukuthini kithi maZulu?
Iningi lethu elineminyaka engaphansi kwamashumi amahlanu lazi iSilo uZwelithini kaBhek'uZulu njengenkosi yesizwe samaZulu asikaze sibuswe yenye inkosi ngoba asiwubonanga umbuso weSilo uBhek'uZulu. Kuyobe kiyikwokuqala sibuswa ngenye iNkosi ( iNkosi uMis'uZulu kaZwelithini ). Uma kukhothama iSilo kuthiwa kwakuyekwa yonke imisebenzi kuzile isizwe kodwa abanye abanakukwenza loko ngoba bedinga izimali zokuziphilisa.

ISilo samabandla siyosikhumbula ngani? 

Kuningi okwenziwe yiSilo samabandla njengesizwe, singabala:
• Ukubuyisa usiko lwokusoka.
• Ukubuyisa usiko lom'khosi wohlanga.
• Ukubamba uM'khosi wokweshwama.
• Ukugxeka inkohlakalo ezweni njengokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nentsha edak'wayo.
• Ukuphatha nokukhulisa iNgonyama Trust. 

 
Umubuso weSilo siyowukhumbula ngoba noma begxek'wa yiNingizimu Afrika yonke, akazange abaleke aye kocasha. Wayehlezi ekhuluma into ayicabangayo kuzwakale, simuzwe njalo emisakazweni nakumabonakude. 

Bayede Zulu! Bayede Hlanga Lohlabathi!

Amazwana

Ukuthumela okudumile osuka kule bhulogi

Esikugqokayo.

Ikhalenda lesiZulu

Inkondlo yefulegi.