UMnu. John Langalibalele Dube (wazalwa ziyi-11 kuNhlolanja ngonyaka we-1871 eNanda, wadlula ziyi-11 kuNhlolanja ngonyaka we-1946) wayengumubhali, yincithabuchopho, wuthisha, wusopolitiki, wumubhali wezincwadi kanye nezinkondlo. Wayengumongameli wokuqala we-South African Native National Congress (i-SANNC) , okwaba yi-ANC ngonyaka we-1923. Wayehlobene nommeli u-Pixley ka Isaka Seme abakha naye i-SANNC. U-J. L. Dube waba ngumongameli we-SANNC kusukela kunyaka we-1912 kwaya kunyaka we-1917. Wayiswa eMelika yinhlangano yabafundisi i-American Zulu Mission (i-AZM) wafunda e-Oberlin Preparatory Academy yaseMelika. Wabuya eNingizimu Afrika, kwathi ngonyaka we-1903 wenza iphephandaba iLanga laseNatali no-Nokutela Dube. Ngonyaka we-1901 wenza iNanda Seminary Institute for Girls oHlanga. Wayefuna abantu abansundu bangene kwezamabhizinisi okwadala ukuthi enze iphephandaba lesiZulu iLanga laseNatali ngonyaka we-1903. Okunye ngo-J. L. Dube okumaphuzwana : • W...
Amazwana
Thumela amazwana