Ubala.
Ngeke siphike ukuthi kukhona umehluko phakathi kwezindlela zokwenza izinto ngabantu bobala oluhlukile. Umehluko waloku ukubona uma umuntu omunyama ephila nabelungu noma umulungu ephila nabantu abamunyama, inkathi eningi umuntu onsundu uvamise ukuphumelela uma ehlalisene nabelungu ngoba siphuma ebunzimeni ngendalo. Sasizingela, sigqoke izidwaba, siphila ngokulima nokufuya kulezwe... ukuphucuka nezobuchwepheshe njengazo izibhamu sasinganalo ulwazi lwazo. Esasikwazi wukukhanda insimbi yamageje, imikhonto, imicibisholo nokunye... okwokuziphilisa sasikwazi ukukwenza ngoba sasidoba nokudoba kodwa impucuko yesimanje sasinganayo. Manje sesinalo ulwazi; sinabo onjinyela nososayensi kodwa akusho ukuthi sifuna ukuba ngabelungu, kuthiwa "Modernisation is not Westernization" ("Impucuko yesimanje akusiko ukufuna ukuba yisiNtshonalanga"). Ngeke sithi sifuna ukuphila njengesizwe ngaphandle kwezobuchwepheshe nezosayensi esikhathini samanje, engabe sizibeka engozini enkulu kabi.
Noma siwubala oluhlukile, akusho ukuthi ngeke sikwazi ukuwenza izinto ezifanayo noma ke sizenze ngendlela ehlukile ngoba sinemilando ehlukile njengabantu bobala olunsundu. Izwe elinabantu bemibala ehlukile siyakwazi ukubumbana uma sikhuluma ulimi lunye nomubono munye. Ukucwasana okuningi kudalwa wukuthi asikwazi ukuzwa ukuthi omunye ufuna ukuthini nokuthi zithini izifiso zakhe, akusilo ubala eqinisweni.
Sikhona ku-Facebook.
Sikhona ku-Twitter.
Sikhona ku-YouTube.

Amazwana
Thumela amazwana