Isijeziso sikaHemu...
Ngokweminye imizamo yokusicindezela, sivilaphe ukuguqula izimo ezimbi esikuzo, kuke kuthiwa thina e-Afrika eseningizimu nehlane i-Sahara siyinzalo kaKanana owazalwa wuHemu. WuHemu ekwathiwa wona, kwajeziswa inzalo yakhe - uKanana (kuGenesise 9:20-27). Kwathiwa uKanana uzoba yisigqila sabafowakhe, njengoba nathi e-Afrika eseningizimu nehlane i-Sahara kubukeka engathi sihlezi siyizigqila zazizwe zonke.
Loku kuxaka ngoba uMbuso wamaRoma, uMbuso wamaGriki namaSulumane ekwakungamazwe ayephucuke ukudlula wonke nazi umuhlaba kunawo wonke amazwe ngalezo zikhathi... wonke lamazwe womathathu akazange afinyelele eningizimu nehlane i-Sahara. Babezosazelaphi? Okusobala, njengoba kubhaliwe eBhayibhelini wukuthi inzalo kaKanana (owazalwa wuHemu) ngabaseGibhithe ngoba futhi abansundu ababewaziwa ngamaSulumane kwakungama-Macrobian (abaseTopiya) kanye namaNilote (isizwe esinsundu esanqoba iGibhithe). Ngaphandle kwalezo zizwe ezinsundu basazi sekade labhalwa iBhayibheli enyakatho ne-Afrika bengeke sibe yinzalo kaHemu ngoba nakwizifundo zomlando wegazi kuyabonakala ukuthi abekho abaseSirayela kumbe eGibhithe kuthina zizwe ezinsundu ngaphandle kwabavela manje sekwafika abakwamanye amazwe angaphandle kwezwenikazi le-Afrika.
Amamephu aveza ulwazi lomuhlaba ngamaGriki, abaseSirayela namaRoma. Uma siyinzalo kaHemu noKanana, sikuphi pho kumamephu asemandulo?
Omunye angathi isizwe samaLemba esikoZimbabwe sinazo izimpawu sokuthi sivela koSirayela ngamasiko nangegazi, noma kunjalo akuzona zonke izizwe ezinsundu ezikhombisa ukuthi ngokwomulando negazi zisuka koSirayela.
Okudala kubukeke engathi siwusizi njalo e-Afrika ngabaholi abangafuni inqubekela phambili yethu, kuthi abaholi ababonakala engathi bazama ukusithuthukisa babulalwe noma bavinjwe ngandlela zoke ukuthi bangazifezi izifiso zabo. Njengoba kumanje e-Afrika siyaphucuka, singazigqila zamuntu, ngaphandle kwabanye abaholi nabamubalwa bethu, kukhombisa ukuthi izigqila yilabobantu abazenzayo izigqila kuphela, hhayi thina sonke.

Amazwana
Thumela amazwana