UZulu wenzani em'nyakazweni wokulwela amalungelo wabansundu?

Kungakabikho u-SANNC (owaba yi-ANC) kwakukhona uM'khosi wezintaba (kunyaka we-1812 kuya ku-1899), Abasetsheni noNongoloza (1902-1906), kanye noBhambatha kaMancinza (1906).


Abasetsheni noNongoloza. 

UNongoloza kwakuwuMzuzephi Mathebula owayebuye aziwe ngelika-Jan Note owayesuka eNatali. Wayesebenzela abelungu base-Witwatersrand. Kuthiwa uNongoloza wenza iminyakazo yokuvikela amalungelo wabansundu eGoli eyayinamagama athi: wuM'khosi wezintaba, uM'khosi weSeneneem, Abasetsheni, oNongoloza kanye nama-Ninevites.


Ukuwakhiwa kwe-ANC. 

I-ANC yakhiwa wuMnu. John Langalibalele Dube okuthiwa kwakumele abe yiNkosi yamaQadi, kwathi sebuya ezifundweni zakhe esuka eMelika wenza i-SANNC (South African Native National Congress) ziyi-8 kuMasingana ngonyaka we-1912 (eyahamba yaba yi-ANC ngonyaka we-1923). Lapho wabiza ozakwabo owayengummeli uMnu. Pixley ka-Isaka Seme. USeme naye wenza umnyakazo wakhe ngaphambilini ekwakuthiwa yi-South African Native Farmers Association eyayigqugquzela abansundu ukuthi bathenge umhlaba. Uhulumeni wangaleso sikhathi wakuvala loku ngokwenza umuthetho ekwakuthiwa yi-Native's Land Act yodumo yangonyaka we-1913 eyayivimba abansundu ukuthi babe nomuhlaba eNingizimu Afrika.

 
Ihawu lakwaZulu kuphawu le-ANC lisakhona nanamuhlanje ukukhombisa ukuthi yakhiwa ngobani. 


INkatha Yenkululeko Yesizwe. 

Inhlangano ekuthiwa yiNkatha eyokuqala yenziwa yiSilo u-Solomon kaDinizulu ngonyaka we-1928, yavuselelwa kabusha yiNkosi uMangosuthu Buthelezi ngonyaka we-1975. Lenhlangano yayakhiwele ukuthi yakhe isizwe sakwaZulu nokuthi igqugquzele ubumbano kubantu bakwaZulu.



Abaholi be-IFP yibo abakhankasa kuhulumeni wobandlululo ukuthi kukhishwe uMnu. Nelson Rolihlahla Mandela esiqhingini se-Robben Island. Baphinde benza isivumelwano sokuqala sokuthi kuhlaliswane ngaphandle kwokucwasana phakathi kwabansundu nabam'hlophe ekwakuthiwa yi-Mahlabathini Declaration i-ANC (eyayiseyiphethwe wo-Oliver Tambo) isasekudingisweni.

Maningi amaqhawe enkululeko yabansundu eNingizimu Afrika abangabakwaZulu ngokwom'lando. Lapha sibala o-Seth Mazibuko, Albert Luthuli, uMagebhula o-Joshua Nkomo, amakhosi amubalwa akwaZulu nabalwa ukucwaswa ngamaNdiya e-Cato Manor eNatali. UZulu akazange aphelele empini namaNgisi ukulwela inkululeko nokuziphatha, kumanje kukhona amaqhawe alwela ukuthi kubuye elikaMthaniya. S'onqoba simunye.

Amazwana

Ukuthumela okudumile osuka kule bhulogi

Esikugqokayo.

Ikhalenda lesiZulu

Inkondlo yefulegi.