UZulu wenzani em'nyakazweni wokulwela amalungelo wabansundu?
Kungakabikho u-SANNC (owaba yi-ANC) kwakukhona uM'khosi wezintaba (kunyaka we-1812 kuya ku-1899), Abasetsheni noNongoloza (1902-1906), kanye noBhambatha kaMancinza (1906).
Abasetsheni noNongoloza.
UNongoloza kwakuwuMzuzephi Mathebula owayebuye aziwe ngelika-Jan Note owayesuka eNatali. Wayesebenzela abelungu base-Witwatersrand. Kuthiwa uNongoloza wenza iminyakazo yokuvikela amalungelo wabansundu eGoli eyayinamagama athi: wuM'khosi wezintaba, uM'khosi weSeneneem, Abasetsheni, oNongoloza kanye nama-Ninevites.
Ukuwakhiwa kwe-ANC.
I-ANC yakhiwa wuMnu. John Langalibalele Dube okuthiwa kwakumele abe yiNkosi yamaQadi, kwathi sebuya ezifundweni zakhe esuka eMelika wenza i-SANNC (South African Native National Congress) ziyi-8 kuMasingana ngonyaka we-1912 (eyahamba yaba yi-ANC ngonyaka we-1923). Lapho wabiza ozakwabo owayengummeli uMnu. Pixley ka-Isaka Seme. USeme naye wenza umnyakazo wakhe ngaphambilini ekwakuthiwa yi-South African Native Farmers Association eyayigqugquzela abansundu ukuthi bathenge umhlaba. Uhulumeni wangaleso sikhathi wakuvala loku ngokwenza umuthetho ekwakuthiwa yi-Native's Land Act yodumo yangonyaka we-1913 eyayivimba abansundu ukuthi babe nomuhlaba eNingizimu Afrika.
Ihawu lakwaZulu kuphawu le-ANC lisakhona nanamuhlanje ukukhombisa ukuthi yakhiwa ngobani.
INkatha Yenkululeko Yesizwe.
Inhlangano ekuthiwa yiNkatha eyokuqala yenziwa yiSilo u-Solomon kaDinizulu ngonyaka we-1928, yavuselelwa kabusha yiNkosi uMangosuthu Buthelezi ngonyaka we-1975. Lenhlangano yayakhiwele ukuthi yakhe isizwe sakwaZulu nokuthi igqugquzele ubumbano kubantu bakwaZulu.
Abaholi be-IFP yibo abakhankasa kuhulumeni wobandlululo ukuthi kukhishwe uMnu. Nelson Rolihlahla Mandela esiqhingini se-Robben Island. Baphinde benza isivumelwano sokuqala sokuthi kuhlaliswane ngaphandle kwokucwasana phakathi kwabansundu nabam'hlophe ekwakuthiwa yi-Mahlabathini Declaration i-ANC (eyayiseyiphethwe wo-Oliver Tambo) isasekudingisweni.
Maningi amaqhawe enkululeko yabansundu eNingizimu Afrika abangabakwaZulu ngokwom'lando. Lapha sibala o-Seth Mazibuko, Albert Luthuli, uMagebhula o-Joshua Nkomo, amakhosi amubalwa akwaZulu nabalwa ukucwaswa ngamaNdiya e-Cato Manor eNatali. UZulu akazange aphelele empini namaNgisi ukulwela inkululeko nokuziphatha, kumanje kukhona amaqhawe alwela ukuthi kubuye elikaMthaniya. S'onqoba simunye.

Amazwana
Thumela amazwana