INCWADI: Baholi bakwaZulu nabangamaZulu...

Siyanibingelela bahlonishwa. Baholi namakhosi ase-KZN, ningizimu neMpumalanga, EkuRhuleni nakwezinye izifundazwe nomasipala; ngokwethu sinibona njengabantu abanako ukuhlakanipha ngoba ukuba beniyizidomu njengathi engabe aningabaholi bezwe. AmaZulu (hhayi, iqembu lebhola) njengesizwe ayacwaswa kulezwe phezu kwokucwaswa ngokwebala. Sebekhankase abantu benza amamashi, benza namaqembu akhankasela izwe lakwaZulu elizimele kodwa kuthathwa njengento esamudlalo. Ngisho abeSuthu namaXhosa ahlala kulezwe esilifuna lapha bathi abanankinga uma kuba nezwe lethu elizimele. Hhayi nokuthi sidinga ukuzwa ngamaXhosa nabeSuthu kumbe abanye abokufika ezweni lethu kepha ngeke sithi sifuna ukuhlala sodwa siwuZulu, sigxoshe kwasani enye senze isi-Idi Amin ngoba sinobuntu. Kuyoze kube nini impela sidlala abamazwe sibakhulumela ulwimi lwabo, siphila ngemithetho yabo? 

Kunokuthi kuqalwe kabusha sakhe izwe lesintu, elingenayo insila yobukoloni nokucwaswa sikhetha ukuncenga ezweni ekuthiwa ngelethu ngokwegama kuphela. Vele kuyothiwa isimanje safika nabelungu, kodwa leso simanje sisezweni likabani? Ngiwumulungu ngifike nento ongayazi ezweni lakho, ufunde uyazi kangcono kunami uziphilise ngayo. Kuyobe kuyiphutha lami uma ungijikela ungidla ngento engakupha yona, angizukuthembela kunembeza wakho kwamina engangivele ngikucindezele ngikuhlukumeza. Esinako okwesimanje kulezwe sakuthola ngamandla wethu. Ngisho bangahamba bonke abokufika nabanako, kusale thina maZulu kuphela, singazakhela okwethu siziphilise.  

Ngakho baholi bakwaZulu (nina makhosi nosopolitiki) uma nifuna ukubona uguquko lwangempela kulezwe, olungapheli emoyeni, niyokubuka okweNhlangano Yokugqugquzela Izwe LakwaZulu Elizimele ( I. Y. I. L. E. ) njengokuneqiniso nokuwuvo lwabantu abaqotho nabafuna intuthuko, nisiphe usuku lwokhetho lokuzumela njengezwe. Asike siziphathe njengesizwe nathi kwaZulu, lapho esiyohluleka khona siyizwe elizimele siyozicosha sizame futhi. S'onqoba simunye.

Amazwana

Ukuthumela okudumile osuka kule bhulogi

Esikugqokayo.

Ikhalenda lesiZulu

Inkondlo yefulegi.