Uvo: Isizwe esingenaBaba.
Esikhathini sanamuhlanje, siphila esikhathini sezingane ezikhula zingenobaba. Lezi zingane isikhathi esiningi kuvamise ukuthi zikhule zingenanhlonipho kumbe zidelela. Kanti, singakhohlwa ukuthi nezinabo abazali ziyaba ngamahlongandlebe kodwa ezivamile ngezingenababa ngoba ezinobaba ziba nokubuyiseka endleleni. Sikubona loku kakhulukazi koKapa, izingane ezikhula zingenababa ozibhekelayo, zibone abangani nezigilamukhuba zasemugwaqweni zingobaba kuzo.
Loku kungaliwa ngokuthi kube khona izwe elinabesilisa abaqotho abaliholayo. Ngeke kuhole izigilamkhuba bese sithi zizokhulisa isizwe esinobuqotho, ngeke kwenzeke. Uma waziwa njengomuntu ongaqondile nonamanga, kumele ungahlanganiswa nezobuholi. Nawe uma uzazi ukuthi wonakele, ungazifaki kwezobuholi ngoba ukuzifaka kwakho sekumosha ukuqoqeka nobuqotho kwimithetho yesizwe... ngoba iqili lingakha umuthetho walo namuhlanje liwuphule kusasa. Umuntu oqotho ulandela imithetho, nemithetho ayenza yena ephalamende uyasaba ukuyiphula, ngoba ngokuziphulela umuthetho wakho ozenzele wona uyofana nento engacacanga nengahlelekanga; kungcono futhi ubuqotho ebuholini kunamaqili kukhona kuzoba yisibonelo esihle ezinganeni ezingenabo obaba. Izigilamkhuba lezi futhi zibamba ezizulayo. Vele kuyaziwa ukuthi izingane ziyazula, zize zintshontshwe phela ngobabezizula kumbe ngoba zithunyiwe. Nako kwona loko kudalwa wukungabi nababa endlini, ingane iyomuthembelani umuntu ongafani nabazali? Iyomuthembelani umuntu ongahambisani nezindlela zabazali? Iyobe ivele yonakele.
Asidede ebuholini nokufuna ukuphatha sizazi ukuthi sonakele nokuthi singamaqili, simosha isizwe.
Izwe liqonda ngemithetho eliqondisayo, imithetho eyenziwe ngabesilisa abanomuqondo wobuqotho. Izwe elingenababa olibhekelayo liyizwe lezinswelaboya. Lelozwe liyohluleka liwe BHU phansi.
Amazwana
Thumela amazwana