Izifundo esingazifunda ngobuholi nomulando wobuholi.
• Amakhosi angabantu: Izwe eliphethwe ngamakhosi kumele liqaphele ngoba amakhosi ayagula, aphinde agule ngomuqondo, amanye akhohlakale. Ngakho kudingeka imithetho ezovikela isizwe mihla kwenzeka loku.
• Abaholi bayahala: Ngezinye izikhathi abaholi bake bathuswe yizimali eziningi abaziphathayo kanti njengabantu abansundu kulezwe, siphuma enhluphekweni. Umuholi ubona izigidi ngezigidi zezimali, athi mhlampe "Noma ngicaphune kancane la, ngeke babone", kanti ngokucaphuna kwakhe ezweni elivele lihlupheka wengezela enhluphekweni yabantu kulelozwe. Ngakho-ke siyawudinga impela uMunyango wokuthembeka kwabaholi, ukuze sivimbele loku kungenzeki, izwe lingalahlekelwa yimali nokuthi izwe lonke lihleli lazi ukuthi kwasenti elisetshenzisiwe lisetshenziswe kuphi.
• Asiyibo abaseYurophu kumbe abase-Eshiya: Njengoba sibona amazwe aphambili emhlabeni jikelele, ngeke sicabange kuthi singafana nawo ngoba abantu bethu abaphatheki njengabantu bakwamanye amazwe. Thina singase sizame okwethu, sithuthukise okwethu, siqondane nezimo esibhekene nazo ngezindlela zethu.
• Ubukhomanisi bubuye bungasizi: Impela, kuyasiza ukuthi okunye kuphathwe wuhulumeni wezwe, kwonakala lapho uhulumeni wezwe sefuna ukuphatha kwonke... afune ukuphatha nalapho ehluleka khona. Engabe, uma uhulumeni ehluleka, axhase osomabhizinisi bezwe ukuthi basize lapho uhulumeni ehluleka khona [Iziboniselo: uma uhulumeni engakwazi ukufaka ugesi kumbe amanzi endaweni ethile, abize ibhizinisi noma usomabhizinisi ongasiza; uma amabhasi kahulumeni engakwazi ukuthutha abantu endaweni ethize, abize inkampani yamabhasi ukuthi ithuthe abantu kuleyo ndawo... njalo njalo.]
• Amazwe asanda kuzimela avamise ukuhlushwa wukudla nezimpi: Kulezwe kumele sibe nezindlela eziqinile zokumisa izigilamukhuba nezimpi ezivela kwimibhikisho. Kumele siqiniseke ukuthi sinezindlela zokuthola ukudla kulezwe, loku kuyodalwa wukuxhasa abalimi kulezwe kanye nabalimi abasebenzela uhulumeni.
Amazwana
Thumela amazwana