Ukuncenga ukuba yingxenye yesizwekazi esikhulu wubuNtshonalanga.

(Itolikwe isuswa kulimi lesiNgisi.) 

Abantu bayothi "Yizwe lethu" baze bayoshona. Basho loku bephila ezweni eliyisi-Roman-Dutch. Uma sithi siyophumelela njengezizwe ezinsundu, kumele sibuyele esintuwini! Ayikho indaba yoBhabhiloni, sizinyove ndawonye ngoba "sibamunyama". Sinezilimi nesikompilo elingafani. Okhokho bokhokho bethu abengakaze babone mulungu babengashayelwa imithetho ngesiNgisi kumbe isiBhunu. Into esiyibona namuhlanje ngabantu abamunyama abathi balwela iNingizimu Afrika. Yona Ningizimu Afrika eyachitha imibuso yabantu abansundu, yona Ningizimu Afrika esabacwasa nanamuhlanje. Abaziboni ukuthi basephutheni ngokulwela izwe elakhiwa ngokubacindezela. Ukucacisa: UmuVenda, ukhuluma isiVenda kwaVenda, aphile isiVenda... kunjalo nowaseFuransi ukhuluma isiFurenshi eFuransi, ngesikompilo laseFuransi. Uma singakuzwa loku, siyohleli sisephutheni ezweni elingasivumi. 

Uma ungahlala endaweni enye iminyaka, ungadingi ukuyishiya leyo ndawo uhambe. Ungahlala kuleyondawo mihla yazimela iyizwe layo iyodwa. Asidingi ukuphila kwisithabathaba sezwe elinabantu abakhuluma izilimi esingazazi, nabantu abanamasiko esingavumelani nawo. Uma uhlala endaweni enakho kwonke okudingayo, yini ethi udinga ukuhlangana nesithabathaba sezwe, ngaphandle kwokuhala? Sithi siyizwe kodwa kukhona izindawo engeke siye kuzona kulezwe, nezindawo ezingalukhulumi ulimi lethu. Yini esihlanganisa no-Oraniya kumbe noma yiphi ke enye indawo engakhulumi ulwimi lethu? Iningi lethu ngeke liye ko-Oraniya, asibadingi o-Oraniya kanye neNyakatho Kapa yonkana, asiyidingi. Izindawo ezincenganayo ezithi ziyadingana, zingakwazi ukuzenzela izinto zazo zehlukene uma kwenzeka kuphela ukuzwana phakathi kwazo lezo zindawo ezincenganayo zibolekana ngezinto. Sivilaphiswa yiko ukuhlala ezweni elingakhiwanga ngesiqu sethu, okhokho bethu ababeliphikisa bengalifuni. 

Amazwana

Ukuthumela okudumile osuka kule bhulogi

Esikugqokayo.

Ikhalenda lesiZulu

Inkondlo yefulegi.