Ipolitiki yolwimi.
Abanye bakuthatha kancane ukuthi ulwimi lezwe lubalukleke kanjani, kanti lumuqoka uma lelozwe lizimisele ngokuziphatha. Amazwe angazisebenzisi izilimi zawo ezomudabu abuye athathwe njengamazwe angakwazi ukuziphatha. Ngikhuluma ngamazwe akhuluma isiFurenshi manyakatho ne-Afrika kanye nakhuluma isiNgisi njengayo iNingizimu Afrika, athathwa njengamazwe awabokufika ngoba ahluleka wukuzibusa ngolwimi alo elomudabu.
Kumele kungathathwa kancane okwolimi ngoba uma imithetho yezwe ibhalwe ngesiNgisi, lelozwe libhala kwonke elikusebenzisayo ngesiNgisi nasephalamende kusetshenziswe isiNgisi, lelozwe kubuye kuthathwe njengezwe lamaNgisi.
Amazwana
Thumela amazwana