Kuyoze kube nini?

Umukhankaso unesiphetho, kumele kube khona okubonakalayo uma ukhankasa ukuthi naku kuya phambili. Uma kungenjalo kuzichithelwa isikhathi. Yini eyodala lezwe lizimele kube yikanye kungasakhulunywa okuningi?

Kungathatha izinyanga ezintathu vo ukuthi lezwe lizimele uma sesiqinisile. Kukubantu empeleni futhi ukuthi bazimisele kangakanani ukubona uguquko, ave kuzoya ngabamubalwa ababona ubuhle balomubono ukuthi kwenziwe njani. Ave kuzozwa ngo-I. Y. I. L. E. ukuthi kwenziwe njani ezweni elinabaholi. I. Y. I. L. E. eyokukhankasa imibono engasebenza neziphakamiso ezingasebenza mihla lezwe lazimela.

Kafushane, naku ekudinga ukwenzeka ukuze sizimele ngomuthetho
1) Umongameli wezwe kumbe ondunankulu bezifundazwe ezibaliwe badinga ukuhlela ukhetho lokuzimela
2) Kukhetho lokuzimela kudingeka iningi lama-50.1% ukuze kunqobe icala elivumelanayo kumbe elingavumelani nalomukhankaso. 
3) Uma kuphumelelwa, izwe selinelungelo lokuzimela, lenze kwonke ngemithetho yalo. Kuqalwa ukubiyiwa imingcele yezwe. Siqedile.

Okuthathu kuphela bese izwe liyazimela, sekuqalwa kabusha ezweni elisha. Kukubantu bezwe ukuthi bahlangane bakhankasele izwe labo ukuthi lizimele.

Amazwana

Ukuthumela okudumile osuka kule bhulogi

Esikugqokayo.

Ikhalenda lesiZulu

Inkondlo yefulegi.