Ukucwila kwamadolobha angasolwandle.
Njengoba kuthiwa ukusebenzisa uphethiloli kudala ukufudumala kwomuhlaba, iqhwa ezindaweni ezibandayo njengo-Entathika kuthiwa liyancibilika okuyodala ukukhuphuka kwezilwandle emuhlabeni jikelele. Noma kubukeka engathi liyokuphuka kancane kuyodala ukuthi okunye okungasolwandle kuye maphakathi nezwe. Izakhiwo ezivimbela ukuthi umuhlaba ungaguguleki ngasemifuleni nasezindaweni ezingasolwandle ziyodinga ukuthi zakhiwe uma sekuthwasa lemibiko yokucwila kwezindawo ezingasolwandle.
Esingazisiza ngakho thina wukusebenzisa ugesi womoya nowelanga ukunciphisa ukungcola okudalwa wukushiswa kwophethiloli namalahle okuya esibhakabhakeni kudale kwona ukufudumala kwomuhlaba. Kusetshenziswe ezokuthutha ezisebenza ngogesi, kunciphiswe ukusetshenziswa kwoplastiki kwenziwe nezindawo ezizoqasha abantu ukuthi kwakhiwe izitina kanye nemigwaqo yoplasitiki.
Amazwana
Thumela amazwana