UMUBANGO ONGAVUKA NGETHEKU.
ITheku lihle impela, liyigugu eNingizimu Afrika, yingakho uma kukhulunywa ngezwe elizimele lethu, bakhale ngeTheku koGoli. Bakhaliswa wukuthi bazodinga izincwadi zokuya eThek'wini uma lomunyakazo uphumelela akhe izwe elisha.
Ngokufuna ukugcina iTheku liyiNingizimu Afrika, iqhinga abangase balizame wukulibuyisela njengomuhlaba wamaNgisi. ITheku ekwathiwa lanikezwa abaseBhrithani yiLembe, kwakuyizwe ekwakuhlala amaNqondo namaMpofana. Nakhona futhi, noma kukhona okwabhaliswa amakhosi akwaZulu, inkontileka akuyona into ekwakusetshenzwa ngayo kwaZulu. Kuwukuphula umuthetho owesiNtshonalanga ukubhalisa umuntu inkontileka entweni ekukhona nanofakazi ukuthi bengayazi. IsiNgisi nemibhalo yesiNgisi yinto eyayingaziwa ngabantu namakhosi ezwe. Yingakho kwaze kwasuka impi ngomuhlaba ekwakhiwa khona idolobha ekuyiTheku namuhla noma sekubhaliwe incwadi leyo. Kwathi lakhiwa iTheku futhi, lakhiwa ngezandla zabansundu (ebabe ngamaZulu).
Noma befuna ukulillwela iTheku lihlale isi-Singapore liyiNingizimu Afrika maphakathi nezwe elizimele, ngeke bakuphikise ukuthi nalo liwumuhlaba wakwaZulu ngokwomudabu. Layeka kudala iTheku kanye neNingizimu Afrika yonke ukuba ngaphansi kwomubuso waseBhrithani kumbe owamaBhunu.
Amazwana
Thumela amazwana