Impi isangasuka kulezwe?

Sazi ukuthi impi yinto eseyadlula kulezwe kodwa engathi kumele sihleli siqwashile, sihleli sihlomile abafuna ukuyisusa bangasifici silele njengakuloku ekuthiwa manje wu-#PheonixMassacre.

Izimpi ezingasuka kulezwe singanakile:
• Amavikelambuso angamaBhunu: Siyayazi inkani yamaBhunu, nokuthi basazimisele ngokuthi yizwe labo leli. Kwaleli abakhe khona isigodlo sabo manje, e-Oraniya, akusilo elabo. Kungenzeka ukuthi bavukwe wumoya ngelinye ilanga bafune ukulwela izwe laka-de Klerk osengasekho.
• Abezizwe ezihlangene (okungabamuhlophe, amakhaladi namaNdiya) belwa ndawonye behlanganyela abansundu kulezwe: Sesike sabona ngenkathi kufika imibhikisho yokuboshwa kwowayenguMengameli waseNingizimu Afrika, u-Jacob Zuma ukuthi bazilungisele impi abamuhlophe kulezwe. Kungenzeka ukuthi babuthe amakhaladi namaNdiya ukuthi balwe nabansundu bakulezwe.
• AmaXhosa nabeSuthu bephika ukuzimela kwezwe lethu: Kuloku asikho isiqiniseko sokuthi yimpi engasuka empeleni, kodwa engathi abeSuthu abaqinise ikhanda kakhulu ngenxa yomona abanawo ngokuthi sinezwe elihle elingasolwandle. Bafuna ukungena kulezwe ngenkani, yize benalo elabo ngale kwezintaba zoKhahlamba. EyamaXhosa angiyazi kodwa ngokufika kwabo kulezwe bacacisa ukufuna ukuphatha. Kumanje kukhona umuXhosa kuphalamende lwesifundazwe i-KZN kodwa akekho umuZulu kwiphalamende laseMpuma Koloni. AmaXhosa afuna isiXhosa ngenkani kulesifundazwe kodwa isiZulu asikho ngale kwomufula uMuzimvubu eMpuma Koloni.

Kuyosisiza ukuthi sicacise ngalonke uhlangothi ukuthi yizwe lethu leli, nokuthi ngeke liphinde libuswe wolunye uhlanga kumbe olunye ubala. Impi abayoyisusa kuyobe kungumulilo wamaphepha ngoba siyiningi kulezwe, kodwa siboqaphela ukuthi siyawucisha siwucishile umulilo ungabaleki noma kungowamaphepha lawo.

Amazwana

Ukuthumela okudumile osuka kule bhulogi

Esikugqokayo.

Ikhalenda lesiZulu

Ipolitiki lamazwe kwaZulu.