UKUCWASANA NGOHLANGA

Sibona izimpi kwamanye amazwe lapho izizwe ezinsundu zilwa zodwa ngenxa yenkolo, ulwimi nohlanga. Nalapha eNingizimu Afrika sivamise ukuxabaniswa wukuthi siyizinhlanga ezehlukene nokuthi siwubala oluhlukene, kodwa asinako loko kwokuthi size sicoshe izikhali silwe nezinye izinhlanga kumbe nabolunye ubala. Sigcina ngokuqhudelana ngezimali nokuthi izinhlanga zethu zinempumelelo engakanani. Loku uzokubona kwezemidlalo, ipolitiki nezamabhizinisi lapho ophumelelayo wohlanga lwethu acindezelwe kumbe azitshwe yizinhlelo zemisakazo; kwiziteshi zakurediyo kudlale imidlalo yamaqembu aphethwe ngezinye izinhlanga kuzitshwe okuphethwe ngabesifundazwe i-KZN. Noma uma kuzothuthukiswa okuthile lapha kulesifundazwe kukhethwe amaNdiya, abelungu nabolunye uhlanga abafikayo (e-KZN) bashiywe ngaphandle abakhuluma ulwimi lethu. 

Loku singalwa nakho ngokuthi sonke kulezwe sikhulume ulimi lunye (okuyisiZulu) ezikoleni nakwezombusazwe, nokuthi sigqamise okuyithi sizwe esasikhona kulezwe kungakabi wunyaka we-1879. Loku kuzodala isizwe esinye nesibumbene, ukucwasana kwehle, nabokufika bazi ukuthi kumele bahloniphe imithetho namasiko ezwe nokuthi kusebenza ulwimi lwesiZulu kulezwe.

Amazwana

Ukuthumela okudumile osuka kule bhulogi

Esikugqokayo.

Ikhalenda lesiZulu

Inkondlo yefulegi.