IZIPHAKAMISO: Amaphoyisa namabutho.
Ngokubona izenzo zamazwe ezenziwa emuhlabeni (ko-Yukhreyini nakoSirayela) kulezinsuku ezedlule, kucacile ukuthi isizwe kumele siziqinisele uma kwenzeka sibhekana nempi noma sihlangana nezinkinga maphakathi nezwe.
U-Skyshield: Okunye okungavikela amadolobha ethu amakhulu.
IZIPHAKAMISO EZINTSHA MAYELANA NAMAPHOYISA:
- Kubonke abantu abangama-750 esizweni kube nephoyisa elinye. Loku kuzosiza kubekhona iphoyisa elihlezi lizosiza.
- Wonke umuntu oyiphoyisa uba nesibhamu, i-bulletproof vest, i-pepper spray nozankosi mihla waqeda izifundo zokuba yiphoyisa.
- Iziteshi zamaphoyisa zonke ziba nama-assault rifle amabili, nama-shotgun amabili.
- Wonke amaphoyisa ayazilolonga, angakhuluphali, ukuze abambe izephulamthetho.
- Wonke amaphoyisa afundiswa ukulwa i-wrestling (yakuma-Olimpiki) ne-kickboxing.
- Amaphoyisa wesimame angasebenza emahhovisi wesiteshi samaphoyisa kuphela bese awesilisa ahambe imigwaqo.
- Kube namaveni amathathu, nezithuthuthu ezintathu kuwonke amaphoyisa siteshi.
AMA-RIOT POLICE (amaphoyisa wemibhikisho):
- Kuba neqembu lama-riot police elinye elisiza yonke indawo ekwi-radius ka-50 km (ahamba indawo ngokubizwa yi-phoyisa siteshi), iziteshi zibolekisane ngawo.
- Ama-riot police nawo angamaphoyisa, aqeqeshwa njengamaphoyisa kodwa engezele izifundo ngokufundiswa ukuthi kwenziwa njani emibhikishweni.
- Ama-riot police ahamba nge-armoured vehicle yamaphoyisa noma nge-helicopter aye endaweni eyinkinga.
- Aphatha:- 1) i-helmet, 2) ihawu loplastiki oqinile 3) kanye nama-rubber bullet.
- Isibhamu esidubula amabhomu we-tear gas sihamba neqembu ngalinye.
AMAPHOYISA WEMIGWAQO:
- Asebenzisa imithetho ka-K53 njengaseNingizimu Afrika.
- Ahamba ngezithuthuthu.
AMABUTHO AVIKELA IMINGCELE YEZWE:
- Abekwa abe mathathu ndawonye, ahlukaniswe ngama-3 km, namanye. Noma abekwe endaweni ekwaziwa ukuthi iba yinkinga. Anikezwa izithuthuthu ezimbili (eziwu-offroad) lapho ekhona ukuthi ahambe ngazo.
- Anikezwa ama-binocular ne-drone ezowasiza abheke imingcele yezwe.
- Asebenza ama-shift angamahora ayi-6.
- Aphatha ozankosi, i-assault rifle (ngamunye), kanye nesibhamu (hand gun).
- Asizwa yi-helicopter endiza njalo emahoreni ayi-12 njalo ukuhlola imingcele yezwe.
- Uthango lakhiwe ngocingo oluhlabayo ulungama-7 m ubude, kube kabili kuhlukane ngesikhala sama-5 m.
- Kwakhiwe izakhiwo eziphakeme ngo-4 m njalo kuma-18 km, ekuzohlala khona phezulu amabutho agade leyo ndawo emuva kwothango.
AMABUTHO WESIZWE:
Ahamba emuhlabeni.
• Ombayimbayi abancane abahlanu.
• Ama-armoured vehicle angama-40 [phakathi ane-rocket launcher eyodwa, i-grenade launcher eyodwa, amabhomu (ama-grenade) amane, amasosha ayishumi nama-drone amancane amabili anamakhamera].
• Ama-jetpack amathathu (eyodwa enyakatho, maphakathi naseningizimu nezwe).
Andiza emoyeni.
• Amabhomu wenuzi amathathu ngakwimingcele yezwe esenyakatho (amabili) nengasentshonalanga (elilodwa).
• Ama-killer drone ahamba engenamushayeli amane.
• Ama-cargo aircraft ayi-6 ayothutha ama-armoured vehicle wamasosha awabeke empini.
• Ama-fighter jet angama-35 (amahlanu kulawa kube yilawa asuka phansi ayephezulu angayidinganga i-runway).
• Ama-helicopter ayi-9 azothutha amasosha agade nemingcele yezwe.
Ahamba ngolwandle.
• Ama-military yacht ayi-8 anezibhamu nama-missile.
• Imikhumbi emithathu ahlala amabhanoyi.
• Ama-speedboat ayi-9.
• Ama-submarine amane.
Wonke amasosha aqeqeshwa ukulwa, wrestling ne-kickboxing, abe nokulandelayo njalo uma eya empini:
- I-vest, helmet nebhulukwe evimba izinhlamvu.
- I-assualt rifle, isibhamu sesandla, nama-cartridge azo.
- I-washi eliyi-flashlight, i-GPS ne-walkie-talkie kuhlangene.
Wonke amaphoyisa siteshi nezindawo zamabutho wesizwe zwelonke zibe nama-security/omantshingelane abasezingeni eliphezulu abaphatha izibhamu.
Zonke izimoto, izithuthuthu, nama-armoured vehicle zihamba ngogesi nogesi welanga. Kwonke kwakhiwa yinkampani yakulezwe.
*Abesilisa bonke bangena emabuth'weni uma sebeqede isikole.
Amazwana
Thumela amazwana