Kwonke esikudingayo kulapha e-Afrika.
Ukuthembela kwamanye amazwe kusiqeda amandla lapha e-Afrika. Kukhona amazwe akwazi ukwakha izimoto ezihamba ngogesi kanye namabhasi ahamba ngogesi welanga lapha e-Afrika. Kukhona amazwe anama-satellite emikhathini khona lapha e-Afrika. Ukudla nezobuchwepheshe singazenzela lapha e-Afrika kodwa sinqotshwa wumuqondo wokufuna ukwenzelwa njengoba kwasho uMongameli uKagame. Thina lapha e-Afrika sikhohl'wa wukuthi sake saziphilisa singazi nokuthi kuyinhloboni yento okuyiYurophu, Eshiya neMelika.
Amazwana
Thumela amazwana