Imingcele yezwe liphelele.
Indawo yezwe ekwakuthiwa yayisempini ngenkathi iLembe libumba izwe. Eningizimu Afrika kukhona abathi bangamaHlubi eMpuma Koloni abakhala ngokuthi kwaZulu akumele kube yisifundazwe sonke ekuthiwa yi-KZN manje kodwa kuloku mina ngiyaphika ngalamaphuzu: • Um'hlaba ophelela em'fuleni uM'zimvubu kuthiwa wawupheth'we ngamaHlubi namaNhlangwane. Kumanje amakhosi walezizwe uma ethi afuna izwe labo lasemandulo (eMbo) akhala ngokuthi afuna um'hlaba osuka em'fuleni uThukela uphelele kum'fula uM'zimvubu. NamaBhunu ngenkathi efika esigodl'weni seSilo uDingane eM'gungundlovu azi ukuthi azocela um'hlaba osuka kum'fula uThukela aphelele kum'fula uM'zimvubu. Bebengeke bacele um'hlaba ekungawona oweSilo uDingane. AmaBhunu ayevele azi ukuthi yizwe elalisanda-kubunjwa, libunjwa sebevele befikile eKapa. AmaBhunu abona ithuba lokugadla izwe lisasuka empini, lingakapholi. • AmaXhosa ngokwomulando izwe labo lisuka kum'fula uMthatha lip...