Okuthunyelwe

Imingcele yezwe liphelele.

Isithombe
Indawo yezwe ekwakuthiwa yayisempini ngenkathi iLembe libumba izwe. Eningizimu Afrika kukhona abathi bangamaHlubi eMpuma Koloni abakhala ngokuthi kwaZulu akumele kube yisifundazwe sonke ekuthiwa yi-KZN manje kodwa kuloku mina ngiyaphika ngalamaphuzu: • Um'hlaba ophelela em'fuleni uM'zimvubu kuthiwa wawupheth'we ngamaHlubi namaNhlangwane. Kumanje amakhosi walezizwe uma ethi afuna izwe labo lasemandulo (eMbo) akhala ngokuthi afuna um'hlaba osuka em'fuleni uThukela uphelele kum'fula uM'zimvubu. NamaBhunu ngenkathi efika esigodl'weni seSilo uDingane eM'gungundlovu azi ukuthi azocela um'hlaba osuka kum'fula uThukela aphelele kum'fula uM'zimvubu. Bebengeke bacele um'hlaba ekungawona oweSilo uDingane. AmaBhunu ayevele azi ukuthi yizwe elalisanda-kubunjwa, libunjwa sebevele befikile eKapa. AmaBhunu abona ithuba lokugadla izwe lisasuka empini, lingakapholi. • AmaXhosa ngokwomulando izwe labo lisuka kum'fula uMthatha lip...

Ikusasa lalomunyakazo...

Eminye iminyakazo ebheke impumelelo yabantu  nesizwe ngokweqiniso kuhamba ithengwe kumbe isabalale eNingizimu Afrika ngoba sipheth'we, kasiziphethe. Kodwa noma kunjalo sihlala ethembeni lokuthi abaphathi bezwe, bebonke nasebukhosini - bonke bazowubona uqotho ubhekene nempucuko lomunyakazo esiwenzile lana noma uphela nawo njengeminye. Obona amasu aphusile kulomunyakazo, angawaboleka kodwa engathi angangasikhohlwa ukuthi sasihloseni ngokwenza wona lawo masu nezixazululo zezwe elalizoba khona mihla saphumelela. #FreeZululand #PhambiliKwazulu  

Esikugqokayo.

Isithombe
NgokwesiZulu, abesilisa bagqoka ibheshu kuphela nezimbhadada uma bethandile. Imbhatha ligqokwa uma kubanda bese umuqhele ugqok'we ngamadoda ashadile. Abesifazane bagqoka okwangezansi kuphela nezimbhadada uma bethandile bese uma sebeshada baluk'we isicholo ekhanda, bambhathe ngaphezulu. Kukhona okugqok'wa ngamabutho aya empini okungadingi ukugqokwa yiwonke umuntu njengaso isikhumba (esivamise ukuba noboya) esigqok'wa ukuvikela imilenze nezingalo. Imbatha lesikhumba sengwe ligqokwa ngamakhosi nesilo kuphela.  Okugqok'wa yisilo namakhosi.  Okugqok'wa yisilo , amakhosi, amaphoyisa namabutho.   Okugqok'wa emikhosini nezinsuku zokugubha usuku. Okugqokwa ngabasebenzi bakahulumeni namabutho: Okhakhi.  Okugqokwa emadolobheni: Idashiki emnyama, ensundu kumbe engwevu nebhulukwe nezimbhadada (abesilisa abaneminyaka eyi-19 kuya phezulu). Ingubo engwevu (abesifazane abaneminyak...

Ikhalenda lesiZulu

INYANGA - IQALA NINI KWELESINGISI  UMandulo - 24 Aug  UMfumfu - 29 Sept  ULwezi - 27 Oct  UZibandlela - 24 Nov   UMasingana - 22 Dec  UNhlolanja - 19 Jan  UNdasa - 16 Feb   UMbasa - 16 March  UNhlaba - 13 April  UNhlangulana - 11 May  UNtulikazi - 8 Jun  UMaquba - 6 July UNcwaba - 27 July Zonke izinyanga zinezinsuku ezingama-28. UMandulo unezinsuku ezingama-36, abe nezinsuku ezingama-37  njalo eminyakeni emine.  USUKU OLUKHUMBULWAYO - NGOMUHLAKA BANI - KWELESINGISI  • Unyaka omusha - 1 kuMandulo - 24 Aug  • Umukhosi weLembe - 32 Mandulo -  24 Sept  • Umukhosi wokweshwama - 28 Zibandlela - 21 Dec  • Usuku lwe-Cato Manor - 24 Masingana - 15 Jan  • Impi yaseSandlwana - 3 Nhlolanja - 22 Jan  • Usuku luka-Retief - 18 Nhlolanja - 6 Feb  Namuhla kuyimihla yesishumi nambili kuMasingana (3 Jan kwelesiNgisi), kunyaka wesinkulungwane amakhulu ayisishiyagalombili namashumi amabili...

Izizwana zakwaZulu.

Isithombe
Izizwana zakwaZulu kukhona lapho ezibalwe khona lapha , kanye namakhosi azo. Kulezi sibala amaNguni (amaQwabe namaGumede), amaBhaca, amaCele, amaNgwane, amaZizi, amaNdwandwe, amaThonga, amaPhuthi, amaHlubi, amaKhize (amaMbo), amaLala, amaHlangwini (amaDlamini), amaNtungwa, amaNdebele namaZulu... Zikhona nezinye. Okwahlanganisa zonke lezizwana kwakuwulwimi olufanayo kanye namasiko amuqondofana. Kungakafiki nesikhathi sempi (ekuthiwa wuMfecane) ekwathiwa sabumba lesizwe sakwaZulu, zonke lezizwe zazinokuzwana noma zingahlangene ziyisizwe. Lezizwana zaziphila zingabonani, ziphila zonke ngemithetho yazo. Kodwa ngenxa yokuthi kwakungezandawonye, azizange zihluke ngokuningi.  Umuhlaba walezizwana angaba yimikhandlu yalezwe elisha elifun'wa lapha.  • Izizwana zakwaGumede, Ndaba, Qwabe, Mbatha, Zulu, Ntungwa noNdwandwe zazihlangene ngoba zazazi ukuthi zizalwa wuNguni.  • ISilo uShaka wafunda kwesakwaMthethwa isigodi ukuba yibutho. INkosi uDingiswayo yakwaMthethwa yayi...

Ukuwakha amagugu amasha nokuphucukisa amagugu akhona.

Kukhona esinako kodwa asikusebenzi kumbe sakuduba kulezwe. Kumele sizame indlela yokuphucukisa amagugu wethu nokuthi sakhe amasha azosisebenzela kulezwe. Lapha ngibala:  • Ikhalenda.  • Indlela yokubhala.  • Ubumbano oluqondisa ulwimi lezwe nolenza isichaz'amagama.  • Inkolo nemithetho yezwe.  • Esikugqokayo. Ikhalenda lesiZulu  likhona, lihambisana nesigqi senyanga. Liqala ngonyaka wama-200 AD kwelesiNgisi.  Indlela yokubhala yesiZulu  ilula ukufunda nokubhala, inongwaqa nonkamisa abangama-27 negama elilodwa. Ihambisana nokuma kwomulomo womuntu.  IsiZulu wulwimi olubhalwa ngezindlela eziningi, nendlela esilifunda ngalo esikoleni yakhiwa wumuntu owayefuna lubhal'we ngendlela ewayebona kubhal'wa isiNgisi ngayo. Ngezinye izikhathi isiZulu sibhal'wa ngokuvilapha nasemaphephandabeni. Kumele kwenziwe umubutho ozohlela kahle indlela ekubhal'wa ngayo amagama wesiZulu ngokucwaninga umulando nomusuka wegama negama. Lapho bese kwenziwa  isichaz'am...

Inkolo yesiZulu yasemandulo.

Isithombe
Okudala ukuthi inkolo yesiZulu ingadumi wukuthi ayibhal'wanga, imithetho yayo ayibhal'wanga encwadini eyodwa eqoqekile. Kwonke ngemimoya nencazelo yokwakukhulunywa yiSanusi u-Credo Muthwa nezinyanga nabelaphi. Mihla kwanencwadi esho umulando wendalo nemithetho yenkolo yesiZulu nathi siyoba nokwethu. •  Isibonelo 1 • Isibonelo 2