Ukuwakha amagugu amasha nokuphucukisa amagugu akhona.

Kukhona esinako kodwa asikusebenzi kumbe sakuduba kulezwe. Kumele sizame indlela yokuphucukisa amagugu wethu nokuthi sakhe amasha azosisebenzela kulezwe. Lapha ngibala: 

• Ikhalenda. 
• Indlela yokubhala. 
• Ubumbano oluqondisa ulwimi lezwe nolenza isichaz'amagama. 
• Inkolo nemithetho yezwe. 
• Esikugqokayo.

Ikhalenda lesiZulu likhona, lihambisana nesigqi senyanga. Liqala ngonyaka wama-200 AD kwelesiNgisi. 

Indlela yokubhala yesiZulu ilula ukufunda nokubhala, inongwaqa nonkamisa abangama-27 negama elilodwa. Ihambisana nokuma kwomulomo womuntu. 

IsiZulu wulwimi olubhalwa ngezindlela eziningi, nendlela esilifunda ngalo esikoleni yakhiwa wumuntu owayefuna lubhal'we ngendlela ewayebona kubhal'wa isiNgisi ngayo. Ngezinye izikhathi isiZulu sibhal'wa ngokuvilapha nasemaphephandabeni. Kumele kwenziwe umubutho ozohlela kahle indlela ekubhal'wa ngayo amagama wesiZulu ngokucwaninga umulando nomusuka wegama negama. Lapho bese kwenziwa isichaz'amagama sesizwe ngokwomuthetho.

Inkolo nemithetho yezwe kuyahambiselana ngoba isizwe ngeke sakhe umuthetho ophikisana nenkolo yaso, futhi inkolo iyiyona indlela ekuphil'wa ngayo ezweni. 

M'hlawumbe, esikugqokayo kuyothiwa yinto engabalulekile kodwa ukuba nendlela ehlelekile esigqoka ngayo kulesizwe kuyosiza ukuthi sibe yizwe elinomuthetho. 

Ozothi, "Loku kwonke akubalulekile", uzobona kudala ukuthi ukuhlukana nokusebenzisa izinto zangaphandle, kusetshenziswe ezasekhaya yikwona "nkululeko yokugcina" ekuhleli kukhulunywa ngayo. 

Amazwana

Ukuthumela okudumile osuka kule bhulogi

Indlela yokubhala yesiZulu.

Ikhalenda lesiZulu

Inhlangano Yebhola Likanobhutshuzwayo YakwaZulu